Ukuqonda ukuguquguquka
Ama-Volatility Indices anikezwa yi-Deriv aklanyelwe ukukhombisa amazinga ahlukahlukene okuguquguquka kwemakethe, anikeze abahwebi ithuba lokuhlanganisa amasu abo nezinga lengozi abangayimela. Lezi zinsiza zokuhweba ezenziwe zinivumela ukuthi niqagele ukunyakaza kwentengo ngaphandle kwemithelela yezinguquko zemakethe evamile, okwenza ukuqonda ukuguquguquka kubaluleke kakhulu empumelelweni yokuhweba. Njengoba nje ulwandle luba nezikhathi zokuthula nezeziphepho, izimakethe nazo ziyaguquguquka, okuba nomthelela ekunyakazeni kwentengo nakumasu okuhweba.
Ubunjalo Bokuguquguquka
Ukuguquguquka kuwumqondo obaluleke kakhulu ekuhwebeni obhekisele ezingeni lokushintshashintsha kwentengo yempahla ngokuhamba kwesikhathi. Kusebenza njengesilinganiso sokuthi intengo yempahla ingakhuphuka noma yehle kangakanani, ngokufanayo nendlela ulwandle olungashintsha ngayo lusuke kumagagasi apholile luye eziphephweni ezinamandla. Ukuqonda ukuguquguquka kusiza abahwebi ukuthi balindele ukunyakaza kwemakethe, okuvumela ukulawulwa kwengozi okungcono.
Uma nicabangela indlela yenu yokuhweba, kubalulekile ukuhlola ukuthi nisabela kanjani ezimweni zemakethe ezahlukahlukene. Ingabe nikhululeke kakhudlwana ukusebenza ezimweni ezizinzile, noma nikulungele ukubhekana nezinselelo ezilethwa ukuguquguquka okuphezulu? Ama-Volatility Indices e-Deriv anivumela ukuthi nihlele ulwazi lwenu lokuhweba ngokusekelwe ezingeni lengozi enikulungele ukuyithatha, kunezinketho ezitholakalayo zawo womabili amasu okuhweba aqaphile nalawo anamandla.
Ukuqhathanisa ama-Volatility Indices
I-Deriv inikeza ama-Volatility Indices amaningana, ngalinye liklanyelwe ukukhombisa amazinga ahlukene okwehla nokwenyuka kwentengo. Isibonelo, inkomba ye-Volatility 10 imelela isimo sokuhweba esizolile esinokunyakaza kwentengo okuncane (ukuguquguquka okungaba ama-10%). Le nkomba ifanele kakhulu abahwebi abathanda ukuhweba okungenaziyaluyalu ezinkulu. Ngakolunye uhlangothi, inkomba ye-Volatility 100 ikhombisa ukuguquguquka okuphezulu (okungaba ama-100%), okubonisa ukushintshashintsha okukhulu kwentengo okuhambisana nabahwebi abazimisele ukuthatha ingozi enkudlwana ukuze bathole imivuzo engaba mikhulu.
Ngaphezu kwalezi, kunezinye izinkomba ezinamazinga ahlukahlukene okuguquguquka asukela kuma-10 kuya kuma-250%. Ukukhetha ukuthi iyiphi i-Volatility Index enizoyihweba kuncike ezingeni lengozi enikulungele ukuyithatha ngamunye. Uma ukuzinza nengozi ephansi kunikhanga, izinkomba ezinokuguquguquka okuphansi zingase zifaneleke kakhudlwana. Nokho, kulabo abanekhono lokubhekana nokushintshashintsha kwemakethe, ukuhweba ngezinkomba ezinokuguquguquka okuphezulu kungaholela enzuzweni engaba phezulu, nakuba kunengozi eyengeziwe.
Isiphetho
Ukuqonda ubunjalo bokuguquguquka kubaluleke kakhulu uma nihweba ngama-Volatility Indices e-Deriv. Kungakhathaliseki ukuthi nithanda ukuhamba emanzini azolile noma ukubhekana nolwandle oluneziphepho, lezi zinkomba zininika amandla okuhlela isu lenu lokuhweba ngokuvumelana nezinga lengozi eningayimela. Ngokukhetha inkomba efanele, ningakhulisa amathuba enu okuthola inzuzo ngenkathi nilawula ingozi ngempumelelo. Sinikhuthaza ukuthi nihlole ama-Volatility Indices ku-Deriv futhi niwahambisanise nendlela yenu yokuhweba, niqinisekise ulwazi lokuhweba olunomvuzo owengeziwe.
Quiz
Ilinganisa ini i-volatility esimweni semakethe?
Iyiphi i-Volatility Index emele isimo sokuhweba esizolile kakhudlwana?
Ukuguquguquka okuphezulu kuthinta kanjani inzuzo nokulahlekelwa okungaba khona?


