
Ama-vanilla option, aphinde aziwe ngokuthi “ama-vanilla”, ayindlela enhle yokuhweba ezimakethe ngokuvumelana nezimo ekuhwebeni ngama-option. Aninika ilungelo (kodwa hhayi isibopho) lokuthenga noma lokuthengisa impahla ngentengo emisiwe ngaphambi kosuku oluthile. Kuzwakala kuyinkimbinkimbi? Ake sikuchaze isinyathelo ngesinyathelo.
Asebenza kanjani ama-vanilla option?
Ukuthenga i-vanilla option kufana nokuthola imvume yokungena ngemuva kwesiteji. Nikhokhela ithuba kodwa ninqume ukuthi niyalisebenzisa yini. Uma isipiliyoni sinenzuzo (imakethe ihamba ngokuvuna nina), ningasebenzisa imvume yenu futhi nijabulele izinzuzo. Uma kungenjalo, okubi kakhulu okungenzeka ukuthi nilahlekelwa yizindleko zemvume kuphela, hhayi okunye.
Amagama abalulekile okufanele niwazi
Ngaphambi kokuthi niqale, nanka amanye amagama abalulekile okufanele niwazi kahle:
- Usuku lokuphelelwa yisikhathi: Umnqamulajuqu we-option yenu. Ngemva kwalolu suku, imvume yenu (i-option) iyaphelelwa yisikhathi futhi ayisakwazi ukusetshenziswa.
- Inani lokuhweba: Uma nithenga i-vanilla option, nikhokha imali eyaziwa ngokuthi i-premium noma inani lokuhweba kumthengisi we-option. Le premium isebenza njengezindleko zokuthola amalungelo anikezwa yinkontileka ye-option.
- I-call option: Inivumela ukuthi nithenge impahla nge-strike price ngaphambi kokuthi iphelelwe yisikhathi, ilunge kakhulu uma nicabanga ukuthi amanani azonyuka.
- I-put option: Inivumela ukuthi nithengise impahla nge-strike price ngaphambi kokuphelelwa yisikhathi, iyasiza uma nicabanga ukuthi amanani azokwehla.
Ku-Deriv, lezi zinkontileka zikhokhwa ngemali ekhokhelwayo esikhundleni sempahla yangempela.
- Inani langaphakathi: Umehluko phakathi kwentengo yamanje yempahla kanye ne-strike price.
- Inani lesikhathi: Libonisa ukuthi singakanani isikhathi esisele ngaphambi kokuphelelwa yisikhathi, isikhathi esiningi ngokuvamile sisho inani elikhulu.
- I-strike price: I-strike price, ephinde yaziwe ngokuthi i-exercise price, iyisisekelo esibalulekile ekuhwebeni ngama-option. Imela intengo emisiwe kusengaphambili umnikazi we-option angathenga ngayo (endabeni ye-call option) noma athengise ngayo (endabeni ye-put option) impahla eyisisekelo. I-strike price ibekwa lapho kwakhiwa inkontileka ye-option futhi ibamba iqhaza elibalulekile ekunqumeni imali ekhokhelwayo engatholakala kuyo i-option.
Kungani kufanele nihwebe ngama-vanilla option?
Abahwebi bayawathanda ama-vanilla option ngoba anikeza ukuvumelana nezimo nemivuzo engatholakala. Nansi indlela eningawasebenzisa ngayo:
- Ingabe nilindele ukuthi intengo yempahla inyuke? Thengani i-call option ukuze niqinisekise intengo yokuthenga ephansi. Lokhu kusho ukuthi ngisho noma intengo yemakethe inyuka ngaphezu kwe-strike price yenu, niligcina ilungelo lokuthenga nge-strike price okuvunyelwene ngayo.

- Ingabe nicabanga ukuthi amanani azokwehla? Thengani i-put option ukuze nikwazi ukuthengisa ngentengo ephezulu. Lokhu kusho ukuthi ngisho noma intengo yemakethe yehla ngaphansi kwe-strike price yenu, niligcina ilungelo lokuthengisa nge-strike price okuvunyelwene ngayo.

Impela, akukho ukuhweba okungenayo ingozi. Nakuba ama-vanilla option engaba mnandi, kuhlale kuwukuhlakanipha ukulawula ingozi yenu futhi nihwebe ngokuzibophezela.
Qalani ngokuzethemba ekuqaleni ukuhweba
Ama-vanilla option aninika izindlela eziningi zokuhweba, kodwa njenganoma yiliphi ithuluzi lezezimali, ahambisana nezingozi. Uma nibasha ekuhwebeni ngama-option, kungani ningaqali nge-akhawunti ye-demo ku-Deriv? Ningaphinde nithuthukise amakhono enu ngezifundo zamahhala ku-Deriv Academy.
Ingabe nikulungele ukuqala?
Ngenani ku-Deriv Academy nge-imeyili nephasiwedi ye-akhawunti ye-Deriv yenu ekhona.
Zijwayezeni nge-akhawunti ye-demo futhi nihwebe ngokuzibophezela.
Quiz
Yisiphi isitatimende kulezi ezilandelayo mayelana nama-vanilla option esiyiqiniso?


