
Nake naba nomuzwa wokuthi izimakethe zizenzela umathanda? Isikhashana nje, zizolile futhi zizinzile-bese kuthi kungazelelwe, amanani agxumele yonke indawo. Yikho kanye ukuguquguquka lokho. Kodwa ingabe ukuguquguquka kuyinto okufanele yesatshwe noma yithuba okufanele nilibambe?
Asingene sijule sithole!
Kuyini ukuguquguquka ekuhwebeni?
Cabangani ngemakethe njengolwandle. Uma amagagasi epholile futhi eqageleka, lokho kuwukuguquguquka okuphansi-amanani awanyakazi kakhulu, okwenza uhambo lube bushelelezi. Kodwa uma kufika isiphepho namagagasi ephahlazeka? Lokho kuwukuguquguquka okuphezulu, lapho amanani eshintshashintsha ngamandla ezinhlangothini zombili.
Ukuqonda ukuguquguquka kubalulekile ngoba kunisiza ukuthi:
- Nibikezele ukunyakaza kwemakethe. Ukwazi ukuthi imakethe izolile noma inesiphepho kunisiza ukuthi nihlele ukuhweba kwenu ngokuhlakanipha.
- Nilawule ingozi yenu. Njengoba nje beningeke ningene ngesikebhe esincane esiphephweni esikhulu, anifuni ukungena emakethe eguquguquka kakhulu ningenaso isicebo.
Ama-Volatility Indices akwa-Deriv: Khethani amagagasi enu
Kwa-Deriv, akudingeki nikhathazeke ngezindaba noma ngezehlakalo zomnotho eziphazamisa ukuhweba kwenu. Ama-Volatility Indices anivumela ukuthi nihwebe ngokunyakaza kwemakethe emazingeni amisiwe okuguquguquka-okuzimele ngokuphelele emhlabeni wangempela.
- Volatility 10: Uhambo olubushelelezi, olulungele abaqalayo.
- Volatility 75: Kunamagagasi athile-ilungele labo abafuna ukunyakaza okwengeziwe.
- Volatility 250: Isiphepho esigcwele, esilungele abahwebi abanolwazi abafuna amadlingozi nokunyakaza okukhulu.
Ithiphu yochwepheshe: Ukuguquguquka okuphezulu kusho inzuzo engaba nkulu kodwa futhi nezingozi eziphezulu. Konke kumayelana nokuthola izinga elifanela isitayela senu sokuhweba.
Ingozi uma iqhathaniswa nomvuzo: Ukuthola ibhalansi yenu
Lapho ukuguquguquka kukhuphuka, kukhula nokushintshashintsha kwamanani-okusho amathuba amaningi enzuzo, kodwa futhi nengozi eyengeziwe. Ngakho-ke, ninquma kanjani ukuthi iyiphi i-Volatility Index enilungele?
Nincamela ukuzinza? Namathelani ku-Volatility 10 noma ku-25 ukuze nibe nohambo oluzinzile.
Nifuna inhlanganisela yengozi nomvuzo? I-Volatility 50 noma i-75 ingaba yindawo ekahle kakhulu kini.
Nincamela ukuhweba okusheshayo? I-Volatility 100 kuya ku-250 inikeza ukunyakaza okusheshayo kanye namanani okuhweba aphezulu.
Hlolani amanzi kuqala. Vulani i-akhawunti yedemo yamahhala ukuze nihlole amazinga ahlukahlukene okuguquguquka ngaphambi kokuhweba ngemali yangempela.
Ingabe nikulungele ukugibela amagagasi?
Manje njengoba senikuqonda ukuguquguquka, kungani ningasebenzisi ulwazi lwenu?
Bhalisani ku-Deriv bese niqala ukuhlola ama-Volatility Indices namuhla!
Quiz
Kusho ukuthini ukuguquguquka okuphezulu kubahwebi?


