
Wake wezwa inkulumo ethi “ukuhweba nge-margin” wazibuza ukuthi kusho ukuthini ngempela? Ake nicabange nikwazi ukulawula usayizi wokuhweba omkhulu kakhulu kunalokho okovunyelwa yibhalansi ye-akhawunti yenu. Kungase kuzwakale njengendlela enqamulelayo, kodwa kuhambisana nengozi yangempela. Yilokho ukuhweba nge-margin ngamafuphi! Kodwa ngaphambi kokuthi ningene kukho, ake sikuhlaziye ukuze niqonde ngokugcwele ukuthi kusebenza kanjani, izingozi zakho, kanye nendlela yokukusebenzisa ngokuhlakanipha.
Isingeniso se-margin: Okuyisisekelo
I-margin yinani lemali enidinga ukulifaka ukuze nivule ukuhweba okusebenzisa i-leverage. Ifana nediphozithi yesibambiso enivumela ukuthi nihwebe ngamasayizi amakhulu kunajwayelekile ukwedlula imali yenu yangempela. Abadayisi (abanjenge-Deriv) baniboleka imali eyengeziwe, kodwa nibhekene nanoma iyiphi inzuzo kanye nokulahlekelwa.
Ake sithi nifuna ukuvula ukuhweba kwe-1 000 USD nge-leverage engu-1:100. Esikhundleni sokukhokha i-1 000 USD egcwele, nidinga kuphela i-10 USD (i-margin yenu) ukuze ningene ekuhwebeni. Uma imakethe ihamba ngokuvuna nina, inzuzo yenu iyakhuliswa. Nokho, uma iphendukela ngakolunye uhlangothi, nokulahlekelwa kuyakhuliswa futhi.
I-margin uma iqhathaniswa ne-leverage: Uyini umehluko?
| I-margin | I-leverage |
|---|---|
| Inani lemali enilidingayo ukuze nivule ukuhweba okusebenzisa i-leverage. | Isilinganiso esinquma ukuthi ninamandla angakanani okuthenga uma kuqhathaniswa ne-margin yenu. |
| ivezwa njengephesenti (isb., imfuneko ye-margin engama-1%). | Ivezwa njengesilinganiso (isb., 1:100). |
| Ithinta ukuthi yimalini enimele niyibeke ekuhwebeni ngakunye. | Inquma ukuthi usayizi wokuhweba kwenu uphindaphindwa kangakanani. |
Cabangani nge-leverage njengesikhulisi samandla bese kuthi i-margin ibe uphethiloli owenza lokho kwenzeke!
Izinhlobo ze-margin ekuhwebeni
| I-margin yokuqala | Idiphozithi yangaphambili edingekayo ukuze kuvulwe ukuhweba. |
|---|---|
| I-margin yokugcina ukuhweba kuvuliwe | Ibhalansi encane edingekayo ukuze ukuhweba kwenu kuhlale kuvuliwe. Uma imali yenu yehla ngaphansi kwalokhu, ningase nibhekane ne-margin call. |
| I-margin call | Indlela yomdayisi yokuthi, “Hawu, imali ku-akhawunti yenu isiyaphela! Engezani imali eyengeziwe noma nizobhekana nengozi yokuvalwa kokuhweba kwenu.” |
Ukuphatha ingozi ye-margin njengochwepheshe amasu okuphatha ingozi
Njengoba ukuhweba nge-margin kungakhulisa kokubili inzuzo kanye nokulahlekelwa, ukuphatha ingozi kubaluleke kakhulu. Nansi indlela yokukwenza:
Sebenzisani ama-order e-Stop Loss. Sethani iphoyinti lokuphuma elizenzakalelayo ukuzekuvinjelwe ukulahlekelwa ngokweqile.
Ningayisebenzisi yonke i-leverage yenu. Ukuthi nje i-leverage engu-1:1 000 iyatholakala akusho ukuthi kufanele niyisebenzise yonke.
Qaphani izinga lenu le-margin. Bhekani ukuthi kungakanani i-margin etholakalayo esele ukuze nigweme ama-margin call.
Hlukanisani ukuhweba kwenu. Ningafaki yonke imali yenu ekuhwebeni okukodwa okunengozi ephezulu.
Ningahweba kuphi nge-margin izinkundla zokuhweba?
Ku-Deriv, ningahweba nge-margin ezimakethe eziningana:
| Imakethe | I-leverage |
|---|---|
| Izimali zakwamanye amazwe | Kufika ku-1:1000 |
| Amasheya nezinkomba zamasheya | Kufika ku-1:100 |
| Izimali ze-crypto | Kufika ku-1:100 |
| Ama-commodity | Kufika ku-1:500 |
| Izinkomba ezisuselwayo | Kufika ku-1:6000 |
Imakethe ngayinye inamazinga ahlukene engozi, ngakho khethani ngokuhlakanipha ngokusekelwe kulwazi lwenu lokuhweba.
Ningahweba nge-margin ezimakethe ezinkulu ku-Deriv nisebenzisa izinkundla zethu ze-Deriv MT5 kanye ne-Deriv cTrader. Bhekani izifundo zethu zamahhala ku-Deriv Academy ukuze nifunde kabanzi nge-leverage kanye nokuhweba ngama-CFD noma nikuzame ku-akhawunti yokuzijwayeza.
Quiz
Uma nivula ukuhweba kwama-$5 000 nge-leverage engu-1:50, nidinga i-margin engakanani?


