
Uma niqala ngokuhweba nge-Forex, ukwazi ukuthi nihweba nini kubaluleke ngendlela efanayo nokwazi ukuthi nihweba ngani. Ngokungafani nemakethe yamasheya, elandela uhlelo lwezikhathi oluqinile, i-Forex isebenza amahora angama-24 ngosuku, kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu. Kodwa akusona sonke isikhathi esifanayo. Amanye amahora anikeza amathuba amaningi kunamanye.
Cabangani ngemakethe njengomjaho wokudluliselana womhlaba wonke, ogeleza usuka kwesinye isikhungo sezimali uye kwesinye. Njengoba umhlaba uzungeza, induku yokuhweba idluliselwa isuka kwesinye isikhungo esikhulu sezimali iye kwesinye. Iqala e-Sydney, idlulele e-Tokyo, bese ilibangisa e-London, futhi ekugcineni ifike e-New York. Iseshini ngayinye iletha ukunyakaza kwemakethe okuhlukile.
Amaseshini amane ayinhloko okuhweba nge-Forex:
Iseshini yase-Sydney (21:00–06:00 (GMT))
Lapha yilapho umshikashika uqala khona! Idola lase-Australia nelase-New Zealand aba sematheni. Ngokuvamile kuyiseshini ethule kakhudlwana, njengokuthula ngaphambi kwesiphepho.
Iseshini yase-Tokyo (00:00–09:00 (GMT))
Izimakethe zase-Asia ziyavuka, futhi i-yen yase-Japan iba sematheni. Le seshini ihamba ngesivinini esilingene, ivumela abahwebi ukuthi babone ukuthambekela kwemakethe ngaphambi kokuthi kungene amaseshini ashubile ase-London nase-New York.
Iseshini yase-London (07:00–16:00 (GMT))
I-London iletha umnyakazo omkhulu, lapho i-euro nephawundi laseBrithani enza ukunyakaza okuqinile. Lesi yisikhathi esihle kakhulu sokuhweba nge-Forex: Ukuguquguquka okuphezulu kwentengo, amathuba amakhulu nomnyakazo omningi.
Iseshini yase-New York (12:00–21:00 (GMT))
Idola lase-US liba sematheni, futhi imakethe ishuba kakhulu, ikakhulukazi uma ihlangana neyase-London. Le seshini inikeza ukuguquguquka okuphezulu kwentengo kanye nomthamo omkhulu wokuhweba.
Umlingo wamaseshini ahlanganayo
Amanye amathuba angcono kakhulu okuhweba enzeka uma amaseshini amabili ehlangana, okudala ukukhuphuka komthamo wokuhweba nokuguquguquka kwentengo. Yilapha lapho lezi zikhathi zivame ukudala khona ukuguquguquka okuphezulu kwentengo ne-liquidity ephezulu.
- Ukuhlangana kwe-London ne-New York (12:00–16:00 (GMT)):
Iseshini ematasa kakhulu nehweba kakhulu, ikakhulukazi ngamapheya afana ne-GBP/USD. Izikhondlakhondla zemakethe ziyasebenza, futhi ukunyakaza kwamanani kungaba namandla kakhulu.
- Ukuhlangana kwe-Tokyo ne-London (07:00–09:00 (GMT)):
Ukuguquguquka kwentengo kuphansi kunokuhlangana kwe-London/New York kodwa kusenikeza amathuba amahle okuhweba.
Icebiso: La maseshini alandela i-GMT, ngakho-ke wahleleni ahambisane nesikhathi sendawo yenu. Maningi amathuluzi aku-inthanethi anganisiza ukuthi nihambisane nesikhathi semakethe.
Kungani amahora okuhweba enza umehluko
- Tholani izikhathi ezingcono kakhulu zokuhweba: Ingabe nifuna ukuguquguquka kwentengo? Hwebani ngesikhathi samaseshini ase-London noma ase-New York. Nincamela isivinini esizolile? Zamani i-Sydney noma i-Tokyo.
- Qondani ukuziphatha kwemakethe: Amaseshini ahlukene anezimpawu ezihlukene. Iseshini yase-Tokyo ivame ukuqageleka kalula, kanti iseshini yase-New York ingaba nokuguquguquka okuphezulu kwentengo futhi ishintshashintshe kakhulu.
- Hlelani amasu enu: I-scalping ingasebenza kahle kakhulu e-Tokyo, kanti amasu alandela ukuthambekela kwemakethe angaphumelela kakhulu ngesikhathi seseshini yase-London.
Manje njengoba senazi isigqi semakethe ye-Forex, ningahlela amaseshini enu okuhweba ukuze nithole amathuba angcono kakhulu. Khumbulani, akuphathelene nje nokuthi nihweba nini.
Impumelelo ayiphathelene nje nesikhathi esifanele. Iphinde iphathelane nokusebenzisa uhlelo lwenu ngokuzithiba. Khethani amaseshini ahambisana nendlela yenu, lawulani ingozi yenu, futhi nihlale nihweba ngohlelo.
Ngenani ku-Deriv Academy ukuze nilole amakhono enu okuhweba namuhla!
Quiz
Yiyiphi iseshini ye-forex ematasa kakhulu futhi okuhwetshwa kuyo kakhulu?

