Yeqela uye kokuqukethwe okuyinhloko

I-Bitcoin, ama-altcoin, nama-stablecoin: Yini umehluko?

5
imizuzu yokufunda
Izimpawu ze-Bitcoin, i-Ethereum, ne-Tether ezigqamisa umehluko phakathi kwalezi zimali zedijithali

I-Bitcoin ayidingi kwethulwa. Yimali ye-crypto yokuqala ngqa, okuyiyona eyaqala konke. Kodwa umhlaba we-crypto awuzange ume lapho. Izinkulungwane zezimali zedijithali ezintsha sezivele ekuhwebeni ngemali ye-crypto kusukela lapho, ngayinye iletha okuhlukile. Kungena ama-altcoin nama-stablecoin. 

Asihlaziyeni ukuthi ayini nokuthi kungani ebalulekile.

Ama-altcoin: Izimbangi eziningi ze-Bitcoin

Ama-altcoin (okufushaniswe kusuka kwelithi “alternative coins”) abhekisela kuzo zonke izimali ze-crypto ngaphandle kwe-Bitcoin. I-altcoin yokuqala yavela ngo-2011, futhi kusukela lapho, abathuthukisi bethule ukuthuthukiswa kanye nokusungulwa okusha ukuze bakhe izinhlamvu zemali ezisheshayo, ezingabizi kakhulu, nezonga amandla kakhudlwana. Amanye ama-altcoin asebenza ku-blockchain ye-Bitcoin, kanti amanye, afana ne-Ethereum, anamanethiwekhi awo ahlukile aklanyelwe izinhloso ezahlukene. Cabangani ngama-smart contract nezinhlelo zokusebenza ezingekho ngaphansi kolawulo olulodwa.

Ingabe ningahweba ngama-Altcoin ku-Deriv?

Impela! Abahwebi abaningi bayawathanda ama-altcoin ngenxa yokuguquguquka kwawo kwentengo. Ukwehla nokwenyuka okukhulu kwentengo kunganikeza amathuba amakhulu, kodwa kunengozi eyengeziwe. Ku-Deriv, anidingi ukuthenga noma ukuba ngabanikazi bama-altcoin ukuze nihwebe ngawo. Noma ngabe nihweba ngama-CFD noma nisebenzisa ama-multiplier, niqagela ukunyakaza kwentengo. Uma ukuqagela kwenu kuqondile, nizuza inzuzo ngaphandle kwenkathazo yezikhwama zemali noma okhiye abayimfihlo.

Yebo, ingozi iseyingxenye yalokhu. Icebo elihle lokuhweba, amathuluzi okulawula ingozi njenge-Stop Loss, kanye nokuhlaziya okujulile kwezobuchwepheshe kungasiza ukunigcina nisohlangothini oluphephile.

Ama-stablecoin: Uhlangothi oluzinzile lwe-crypto

Akuzona zonke izimali ze-crypto eziguquguquka ngokwedlulele. Ama-stablecoin aklanyelwe ukuzinza. Inani lawo lixhunyaniswe nezimpahla ezifana nedola laseMelika noma igolide, ngokuvamile ngesilinganiso esiyi-1:1. Lokhu kusho ukuthi awavamile ukuba nokwehla nokwenyuka kwentengo okwedlulele futhi avame ukusetshenziselwa ukuthengiselana ngaphakathi komhlaba we-crypto.

Nokho, ama-stablecoin awakhululekile engozini. Ukuwa okudume kabi kwe-Terra ngo-2022 kwafakazela ukuthi ngisho nezimpahla “ezizinzile” zingalahlekelwa yinani ngokuphazima kweso. Ngakho-ke, nakuba angase azinze kakhudlwana kune-Bitcoin noma i-Ethereum, aseza nezawo izingozi.

Ingabe ningahweba ngama-stablecoin ku-Deriv?

Ningahweba ngama-stablecoin ku-Deriv, njengoba nje ningahweba ngama-altcoin. Njengoba ama-stablecoin enyakaza kancane kunezinye izimali ze-crypto, awakulungele kakhulu ukuhweba kosuku olulodwa ngenxa yokuguquguquka okuphansi. Kodwa ngisho nokwehla nokwenyuka okuncane kwentengo kungaba nosizo uma nihweba ngamavolumu amakhulu noma nincamela ukuguquguquka okuphansi. Ngaphezu kwalokho, i-Deriv inivumela ukuthi nivule i-akhawunti ye-crypto nisebenzisa ama-stablecoin, okwenza abe yindlela ewusizo yokuhweba kwezinye izimakethe futhi.

Quiz

Yini eyenza ama-stablecoin ahluke kuma-altcoin?

Imibuzo Evame Ukubuzwa

Analyse markets with AI-powered insights

Explore TradersView
WhatsApp